Uhlelo luka Nkulunkulu Lwensindiso Johane 3:16

Sonke singaphansi Kwesono

�Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu.�  Kwabase Roma 3:23
Abanye bone kakhulu kunabanye, kodwa sonke sisala ngasemuva ezingeni elifunwa u Nkulunkulu.
�Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi. Uma sithi asonanga, simenza umqambimanga, nezwi lakhe alikho kithi.� 1 Johane 1:8 & 10.

UNkulunkulu uthanda �Zonke� izoni

�Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kepha ukuthi yena wasithanda thina, wathuma iNdodna yakhe ibe-yinhlawulo yezono zethu.�  1 Johane 4:10
�Kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi siseyizoni, uKristu wasifela.�  Kwabase Roma 5:8.

UKristu wafela �Zonke� izoni

UNkulunkulu iNdodana yafa esiphambanweni ithwele isijeziso sikaNkulunkulu sezono zethu.
�Nazi ukuthi anihlengwanga ekuhambeni kwenu okuyize enakunikezwa ngawoyihlo ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide, kodwa ngegazi elinqabileyo likaKristu kungathi elewundlu elingenacala, elingenabala� 1 KaPetru 1:18, 19

UKristu wasikhokhela (bhadala) isikweledu sezono zethu

�Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo.�
�Nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo,�  1 KwabaseKorinte 15:3,4

Sonke sisindiswe ngomusa

�Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu, akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.�  Kwabase-Efesu  2:8,9

Kholwa kuKristu njengoMsindisi wakho nakulokho uNkulunkulu akwenzela kona esiphambanweni.

�Ngakho-ke sithi umuntu ulungisiswa ngokukholwa ngaphandle kwemisebenzi yomthetho.�  Kwabase Roma 3:28

Bonke abakholwayo basindisiwe

Izenzo 16:31 zithi, �Kholwa yiNkosi uJesu Kristu, yikhona uzakusindiswa.�

Ungahle uthi, �Yilokho nje kuphela?�  Yebo, yikho lokho nje iBhayibheli elikushoyo ngokusindiswa.  �Ungethembi imizamo yakho�

�UJesu wathi kuye:  Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.�  Johane 14:6

Wena ukhetha kuphi?

Uma ufuna ukusindiswa, bheka ezulwini bese uthi,
Baba ngonile, ngiyamamukela uJesu Kristu njengoMsindisi wami, Amen�  Uma ukukholwa lokhu, usindisiwe futhi ugcinekile ingunaphakade.
If you have any questions or need spiritual counsel please contact us
HomeAdultsAfricaBible StudyChildrenContact usFamilyMapsMeet the PeoplePrayer PalsPrayer RequestsTracts
Hosted by www.Geocities.ws

1